BUKA: Imoto ye-Uber ihamba isha ubuhanguhangu

2017-06-27 11:01

Pretoria – Kuthungelwe ngomlilo imoto yakwa-Uber maqede kwahlaselwa abashayeli ababili emigaqweni yaseSunnyside, ePitoli, ngaphambilini ngoJuni.

Okhulumela amaphoyisa, uColonel Lungelo Dlamini, uthi laba shayeli ababili bezimoto zakwa-Uber bahlaselwe abasolwa abangaziwa.

OLUNYE UDABA: BUKA: Uhlasele u-cashier ogilwe yikhadi phambi kwabantu

“Omunye wabashayeli uphuthunyiswe ngokushesha esibhedlela. Amaphoyisa athungatha abasolwa. Amaphoyisa asevule icala lokucekela phansi impahla kanye nokuhlukumeza.”

Sekuvele i-video yalesi sigameko nekhombisa imoto yakwa-Uber eyokhelwe ngomlilo ihlehla nyova, yehla ngomgwaqo eSunnyside. Kule-video kubonakala iveni yamaphoyisa ihlela sakubaleka lapho kuza ngakhona le moto ebonakala isha ubuhanguhangu.

Zibonele le-video ngezansi kanjalo nokuphawula kwabantu okwehlukene:

- Wheels24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Scattered showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 21-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-25°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C Numerous showers. Overcast. Mild. PE: 14-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...