BUKA: IFerrari itholane phezulu neMazda eGoli

2017-06-26 11:01

Johannesburg – Umfanekiso oqoshwe yikhamera ehlala ku-dashboard ukhombisa imizuzwana ngaphambi kwesigameko sokutholana phezulu kweMazda CX-3 nemoto kanokusho yohlobo lweFerrari 488 Spider eSandton, eGoli, ngoMgqibelo.

Lo mfanekiso oqoshwe kwiFerrari ukhombisa le moto eyi-sports car inyusa isivinini ibheke kwimpambanamgwaqo.

Ngesikhathi esifanayo umshayeli weMazda ubejikela ngakwesokudla kuyo le mpambanamgwaqo.

OLUNYE UDABA: BUKA: Owesifazane ethathelwa imoto eThekwini

Le moto yohlobo lweFerrari 488 ilinganiselwa ku-R5.6-million ngokwenani.

Ngokwemibiko, akukho ukulimala okutholwe abashayeli bobabili.

Zibonele umfanekiso wale ngozi ngezansi: 

Video Footage from yesterday's Ferrari 488 crash.

A post shared by Motor Magnet (@motor_magnet) on

- Wheels24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-19°C Sunny. Mild. Bloem: -5-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Sunny. Cool. PE: 10-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...