BUKA: I-EFF imashela esiteshini samaphoyisa ngebheyili kolwaseColigny

2017-05-19 12:30

Coligny – I-Economic Freedom Fighters (EFF) ibambe imashi elibhekise esiteshini samaphoyisa eColigny ngoLwesihlanu njengoba ibhikishela ukunikezwa ibheyili kwabasolwa ababili abangabalimi basepulazini nabasolwa ngokubulala umfana oneminyaka engu-16 ubudala.

Leli qembu eliphikisayo selinxuse umbuso ukuthi udlulisele phambili isinqumo seNkantolo yeMatshi eColigny sokunikeza laba solwa ibheyili ka-R5 000 umsolwa ngamunye.

OLUNYE UDABA: Udilikajele kowagqekeza, wadlwengula intombazane ilele

Okhulumela i-EFF, uMbuyiseni Ndlozi, uthi lokhu kunikezwa ibheyili kwabasolwa, uPieter Doorewaard, 26, kanye noPhillip Schutte, 34, kufanele kubonwe njengesizathu sokuthi umphakathi ungabe usayethemba ingalo yomthetho.

UDoorewaard kanye noSchutte basolwa ngokubulala uMatlhomola Mosweu, 16.

Laba bathi babamba oqotsheni lo mfana eba ujikanelanga (sunflower) ngomhlaka-20 ku-Ephreli, bathi futhi babemhambisa ngemoto bemyisa esiteshini samaphoyisa esiseduzane nalapho bethi wavele wagxuma imoto ihamba, waphuka umqala.

Zibonele eminye yemifanekiso yale mashi ye-EFF lapha:

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 19-29°C Showers early. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 16-22°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Passing showers. More clouds than sun. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...