BUKA: Azigwaze ngowawo amaphoyisa omgwaqo andlale imali phezu kokudla

2017-10-27 19:30

Kucasuke inqwaba yabantu ezinkundleni zokuxhumana kuvela i-video yamaphoyisa amabili ezitika ngokudla endlale imali ebhuthini.

Le video kanye nezithombe zala maphoyisa zisabalele ezinkundleni zokuxhumana.

Okwenza abantu babe nemibuzo kanye nezinsolo wukuthi, njengoba la maphoyisa asemsebenzini, yonke le mali ivelaphi.

OLUNYE UDABA:Iqukulwe amaphoyisa omgwaqo indoda ebidakwe kakhulu

Kubonakala ihlelwe kahle, o-R100 no-R200, ukudla komuntu ngamunye kuhambisana nemali yakho.

Abantu bacasulwe wukuthi kwenzeka kanjani ukuthi la maphoyisa athi esemsebenzini kodwa aphethe imali eningi kangaka.

Elinye libonakala lizisula ngayo imali ngemuva kokuqeda ukudla.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...