BUKA: Amaphoyisa 'ethenga' ucansi

2017-06-12 16:01

Johannesburg - Amalungu amabili amaphoyisa ophiko lwe-SAPS agqoke umfaniswano wamaphoyisa ehamba ngeveni lamaphoyisa, kusolwa ukuthi abanjwe ekuseni ngovivi ngoMsombuluko "ethenga" abaqwayizi endaweni yaseMarapong, eLephalale.

Ngokusho kofakazi, iveni lamaphoyisa belipake eceleni komgwaqo ngesikhathi kuqhamuka abantu besifazane ababili, bakhuluma namaphoyisa, evele ngamawindi.

Labo fakazi batshele amaphoyisa ukuthi bebeqinisekisile ukuthi la maphoyisa enza umsebenzi wawo endaweni kodwa ashaqeka ngesikhathi elinye lawo lingene emzini oseduze nomunye walaba besifazane.

Kusolakala ukuthi lo omunye wesifazane ungene evenini yamaphoyisa bayopaka ngaphakathi kuwo lo muzi okungene kuwo iphoyisa lokuqala nowesifazane.

Ofakazi bathe balilandelile iveni lamaphoyisa bafike bapaka imoto yabo ngemuva kwalo iveni, kwaphuma abantu besifazane ababili kuwo lo muzi, bafike bakhuluma nofakazi bathi babathembisa "injabulo futhi baqinisekisa ukuthi bangabaqwayizi".

Baphinde bathi amaphoyisa angene kulo muzi "ajatshuliswa" ozakwabo.

 - Video:

 - The Citizen

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...