BUKA: Adale isiminyaminya amaloli ebhikishela uZuma emgwaqeni

2017-04-07 12:31

Cape Town – Amaloli abenamabhodi anombhalo othi “uZuma kumele ahambe” asevale umgwaqo kwadaleka esikhulu isiminyaminya kweminye yemigwaqo emikhulu yaseKapa, nokuyingxenye yemibhikisho esabalele ezweni lonke yokuphikisana nobuholi bukaMengameli Jacob Zuma.

Izithombe zala maloli ambalwa zikhombisa amaloli ahambisana ngamathathu, ehamba esondelene eduze, nalapho kunenqwaba yezimoto ezigcwele ngemuva.

Okhulumela abezimo zomgwaqo kuleli dolobha, uMaxime Bezuidenhout, ukuqinisekisile ukuthi amanye ala maloli avale umgwaqo u-Airport Approach, uma ubheke ku-N2.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Konke odinga ukukwazi ngemashi eqhubeka eThekwini

Ukuqinisekisile ukuthi abeshayelwa ehamba ngonyawo lonwabu uma uza ku-N1, ngemuva kukaSable Road.

Elinye iqoqo lamaloli belisemgwaqeni uJakes Gerwel Drive, ngaphambi kuka-N1.

Nokuhamba kwezimoto kule migwaqo bekushaya ngonyawo lonwabu.

Kodwa-ke ukuhamba kwezimoto kweminye imigwaqo, okubalwa nemigwaqo emikhulu edolobheni, akuzange kuphazamiseke.

Zibonele isithombe sombhikisho wala maloli lapha: 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...