Buka: Abazalwane behlasela iphoyisa lakwaMetro eGoli

2017-11-13 07:31

Johannesburg - UMnyango wezokuPhepha koMphakathi eGoli ugxeke abazalwane abahlasele iphoyisa lakwaMetro eHillbrow.

Okhulumela umnyango, uWayne Minaar, uthe leli phoyisa lihlaselwe ngesikhathi lisusa imoto yelungu lebandla eliseHillbrow ebelipake imoto yalo endaweni okungapakwa kuyo.

Kukholakala ukuthi iqulu labazalwane ebelidinwe ligane unwabu libhekane ngqo ngeziqu zamehlo naleli phoyisa, langaba nandaba nokuthi liyadubula.

Leli qulu liphuce leli phoyisa isibhamu salo laqeda lalishaya, lalishiya liqulekile.

Leli phoyisa liphuthunyiswe esibhedlela lapho elisalashwa khona namanje.

Kuboshwe omunye wabazalwane ngokutholakala nesibhamu sephoyisa.

Isigameko siyaphenywa.



 - Ivideo:

- eNCA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...