BUKA: Ababhikishi beketula amaveni amaphoyisa eRichards Bay

2017-05-09 14:02

Richards Bay - Kusuke uthuthuva ngesikhathi kubhikisha izisebenza zaseMtateni waseRichards Bay ngoLwesibili.

Laba basebenzi baketule amaveni amaphoyisa bawabhekisa phezulu.

Amaphoyisa avulele ngenhlamvu ezama ukuhlakaza ababhikishi abavuke umbhejazane.

OLUNYE UDABA:IZITHOMBE: Ababhikishi bavale imigwaqo ngamathayi avuthayo eGoli

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Thulani Zwane uthe kunabasebenzi ababoshiwe ngenxa yalesi sigameko.

Amaphoyisa asasiqaphe ngawokhozi isimo kanti kunxuswa abantu ukuba bangasondeli kule ndawo.

Kuthiwa abasebenzi bakhala ngezimo ezingezinhle abasebenza ngaphansi kwazo.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Drizzle. Morning clouds. Cool. Pta: 12-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C High level clouds. Mild. Bloem: 13-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 16-24°C High level clouds. Mild. PE: 13-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...