Besiyoshintsha izingubo isiboshwa ebeseqe enkantolo

2016-11-29 16:02

Johannesburg - Amaphoyisa asekhiphe imininingwane ngomsolwa oweqe esitokisini esiseNkantolo yeMantshi yaseLadysmith ngoMsombuluko wabuye wazinikela emaphoyiseni ngokuhamba kwesikhathi.

Nakuba ezokuphepha beziqinisiwe enkantolo, umsolwa ukwazile ukweqa ngaphandle kokuba abonwe.

“Umsolwa kuthiwa ukwazile ukuziphumela esitokisini esisenkantolo kodwa ngokuhamba kwesikhathi wazibuyela,” kusho uWarrant Officer Basheer Khan.

OLUNYE UDABA: Uthi akazi noma kumele azibulale yini owaxoshwa oKhozini FM

Ngokusho kukaKhan, umsolwa uthe ubedinga ukuyoshintsha izingubo, yingakho eqile enkantolo.

Amaphoyisa aseqalise uphenyo lwangaphakathi ukuthola ukuthi uphume kanjani esitokisini, kubika iLadySmith Gazette.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...