Besicela uPisto asicobelele ngolwazi - Doctor Khumalo

2016-09-08 17:02

Cape Town – Inkakha uDoctor Khumalo usecele uPitso Mosimane ukuba asize njengoba iBafana Bafana nebhola lakuleli lonkana libhekene nezinselelo.

Le nkakha yeKaizer Chiefs ikholelwa ekutheni umlando kaMosimane uyazikhulumela wona, yingakho ebona ukuthi ubuchule bakhe bungalisizka kakhulu izwe.

Lo mqeqeshi weMamelodi Sundowns akuzange kumhambele kahle ngesikhathi ecija iBagana, kepha wenza ezibukwayo kamuva kumaBrazilians.

OLUNYE UDABA: Umqeqeshi weBafana Bafana uthi badinga umthandazo

UMosimane, 52, usethathe izicoco zeligi kabili waholela ezakhe kowandulela owamanqamu ku-CAF Champions League.

Le nkulumo kaKhumalo iza ngemuva kokusabalala kwamahlebezi athi izinyawo zizogcwala udaka kumqeqeshi weBafana uShakes Mashaba kulandela ukuhluleka ukuholela iqembu kowe-Afcon ka-2017.

UKhumalo utshele iSoccer Laduma ukuthi: “Kunomqeqeshi owenza into yamehlo kuSundowns, kungani singasisebenzisi isipiliyoni sakhe.

“Hhayi ukuthi sikopele uhlelo lweSundowns, kepha asicobelele ekutheni singenza kanjani ukuze iqembu lesizwe liphumelele. UPitso ungomunye wabaqeqeshi abanohlonze esinabo.”

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-19°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Partly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...