‘Bengifisa alizwe esaphila u-Ontlametse iculo engimbhalele lona’

2017-04-21 11:01

Durban – ULindokuhle Ngongoma, oneminyaka engu-20 ubudala, wase-Elandskop, eMgungundlovu, ukhulume kabanzi ngokumenze wabhalela u-Ontlametse Phalatse iculo.

UNgongoma, owenza ibanga leshumi eSikhululiwe Secondary School, khona e-Elandskop, uthi into emenze wabhalela uPhalatse iculo ukuthi waba nokuthuka ngesikhathi eqala ukubona umuntu oneProgeria – okuyisifo esenza umuntu aguge ngokushesha.

“Ukubhala kwami iculo kwakuyindlela yokumeseka ngimtshele nokuthi akeyedwa kulokhu abhekene nakho, kepha sikhona siyameseka noma singasondelene naye. Ukube nganginawo amandla ngangizomsiza ngandlela thize,” kuchaza uNgongoma, odume ngelikaMlikza kwezomculo, engxoxweni abe naye neZindaba24.

Uthi isifiso sakhe esikhulu kwakungukuthi leli culo lifinyelele kuPhalatse esaphila, ngeshwa kwangenzeka lokho. Uthi ube eseshintsha ezinye izinhlamvu zeculo kulandela ukudlula kwakhe emhlabeni.

OLUNYE UDABA: LALELA: Ingoma ebhalelwe u-Ontlametse

Uqhube ngokuthi asemaningi amaculo awabhalile akhuluma ngamaqhawe akuleli.

“Ngibhala izingoma ezimayelana namaqhawe afana noNelson Mandela, uthando, ukuhushulwa kwezisu, ingculazi kanye nokunye okuningi. Ngigxile kakhulu emculweni onomyalezo,” esho.

Uthi usenesikhathi eside ebhala umculo, kepha uze wathola ithuba lokuqopha ngo-2010.

“USiyabonga Mpungose, wodumo lwezinkondlo, nguye owangifaka estudiyo ngase ngiqala ukuqopha. Abantu kumele bazi ukuthi angingenanga emculweni ngoba ngifuna imali, kepha inhloso yami ukuthi ngiqwashise abantu ngezinto ezithile ngiphinde ngiqhamuke nezisombululo kwababhekene nezinkinga,” echaza.

Uthi iphupho lakhe ukuphumelela kwezomculo, bese esiza intsha kanye nabahlwempu.

UPhalatse uzobekwa ekhaya lakhe lokugcina ngoLwesihlanu (namhlanje).

Lalela iculo likaMlikza lapha ngezansi:

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-25°C High level clouds. Mild.
Jhb: 7-21°C High level clouds. Mild. Bloem: 5-25°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...