Bekunje ngoKhisimusi nentokazi elishayayo ibhodwe uNono Mbuyisa

2017-12-26 14:03

eThekwini - UNontokozo Nono Mbuyisa, yintokazi eneminyaka engu-27 ubudala edabuka oLundi olumahlikihliki.

Le ntokazi yenza izifundo zezilimi enyuvesi yase-DUT futhi yasebenzela izinkampani ezahlukahlukene njengephephabhuku iDrum futhi esebenza njengomhlaziyi wolimi ku-google.

Le ntokazi ithi yakhula inalo uthando lokupheka, yize yayisebenza njengomhleli futhi iwuthanda umsebenzi wayo, yabona kukuhle ukuthi ithuthukise ikhono layo lokupheka.

Kulo nyaka, uNono wabuyela esikoleni iyokwenza izifundo zokupheka eCapsicum Culinary Studio nokuyilapho eyalicija khona ikhono layo.

Njengoba esesebenza njengopheki, uNono usehambele imicimbi eminingi lapho ekhangisa ngekhono lakhe futhi ubuye aphekele nabantu abanemicimbi.

OLUNYE UDABA:ISITHOMBE: Usaziwayo uqinisekise amahlebezi okuthi ukhulelwe

Ngale kokushaya ibhodwe, lentokazi iyinxusa yenkampani ekhiqiza izinongo futhi naye usenezakhe izinongo nokungamasosi afakwa enyameni asanda kuwasungula.

Ikusasa lakhe iqhakaze kakhulu ngengoba enothando lokusiza abanye abathanda ukupheka ngekhasi lakhe elisezinkundleni uFacebook, In the Kitchen with Nono.

Nazi izibiliboco azishayayo:

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...