Bebelibangise kuMembeso ababandakanyeke engozini yebhasi eKZN

2017-04-16 11:05

Durban - Sesinyukile isibalo sabashone engozini yebhasi eyenzeke eNtunjambili eduzane naseNkandla KwaZulu-Natal njengoba sesimi ku-14.

Kukholakala ukuthi kuginqike ibhase kulande ukuphelelwa ngamabhuleki.

Kulimale abanye abagibeli abangu-15, abangu-8 basesimeni esibucayi.

OLUNYE UDABA:Kushone 12 kwalimala 6 engozini yebhasi eNkandla e-KZN

Umndeni wakwaNgwadi ubulibangise emcimbini uMembeso ngesikhathi wehlelwa yilo mshophi. 

Lesi sigameko sibehlele sekusebe ibanga elifushane bafike la abaya khona, ngesikhathi umshayeli ehluleka ukulawula ibhasi', laphuma emgwaqeni layoshona ngale komgwaqo, laginqika.

Umkhwenyana ulahlekelwe amalungu omndeni amahlanu kubalwa nonina.

Lo mgwaqo udume kakhulu ngezingozi. Abosizo lokuqala bebesasendaweni yesigameko ebusuku bezama ukutakula izidumbu ebezingaphansi kwebhasi.

Ingozi iyaphenywa.

 - SABC

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-25°C High level clouds. Mild.
Jhb: 7-21°C High level clouds. Mild. Bloem: 5-25°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...