Bazoyichithela ejele impelasonto ababoshelwe isivinini esiphezulu

2017-04-15 13:59

Johannesburg – Amaphoyisa ogwaqo eGauteng asebophe abesilisa ababili ebebehamba ngesivinini esiphezulu ku-N1 ngaphandle kweasePretoria kusukela kuqale impelasonto yePhasika.

Amaphoyisa athi owesilisa oneminyaka engu-56 ubudala waseTshwane ubanjwe ehamba ngo-225km/h endaweni ka-120km/h, kanti uthe ubephuthuma kogembula ekhasino eHammanskraal.

Kwesinye isigameko, owesilisa oneminyaka engu-36 ubudala uboshwe ehamba ngo-219km/h emgwaqeni obhekene ePolokwane.

OLUNYE UDABA: Balinganiselwa ku-100 ababoshelwe ukushayela bephuzile eThekwini

Okhulumela amaphoyisa omgwaqo eGauteng u-Obed Sibasa uthi laba impelasonto yonke yePhasika bazoyichithela esitokisini.

“Bobabili laba besilisa bagcinwe esitokisini eHammanskraal. Bazovela eNkantolo kaMantshi ePretoria North ngesonto elizayo. Bazothweswa icala lokushayela budedengu.”

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 20-27°C Sunny. Pleasantly warm. Pta: 11-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 8-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...