"Bazowuchama bawuphuze," kusho uMbalula exwayisa izinkabi zaseGlebelands

2017-09-18 14:03

Durban - “Bazowuchana bawuphuze,“ lawa ngamazwi ebeshiwo uNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula exwayisa izigebengu ngesikhathi evakashele ihostela laseGleblands.

UMbalulla ubavakashele kule ndawo eqhuba uhlelo lwakhe lokubhekana nezigameko zokubulawa kosopolitiki kanye nodlame ematekisini esifundazwane iKwaZulu Natal.

UMbalula ubephelezelwa amaphoyisa, yizikhulu zamaphoyisa kanye nabophiko loKlebe esithangamini sabezindaba lapho lo Ngqongqoshe etshele khona abezindaba ukuthi into ephazamisa kakhulu ukuhlanisana ngokuthula kuleli hostela wukuba khona kwabantu abasebenza ukusoconga abanye, izinkabi.

Lo Ngqongqoshe uthe lo mkhuba kamazenzele walaba bantu uzophela ngoba bazobhekana nabo ngqo.

OLUNYE UDABA:Ubaba kaSenzo Meyiwa unxuse uMbalula ukuba athole ababulala indodana yakhe

“Akekho umuntu onelungelo lokuhlasela iphoyisa, mawuhlasela bona  kufana nokuthi uhlasela uhulemeni uqobo lwakhe. Bekumele ukuthi size lapha, sekuzoba nesiteshi  samaphoyisa kule ndawo ngaphesheya komgqwaqo.”

“Sifuna bonke abantu abahlala lapho baziwe, kube khona uhlu lwabantu abahlala ngaphakathi. Ngeke sikwazi ukuba nomunye uChillies kule ndawo otsotosi kumele bazi ukuthi bazowuchama bawuphuze.

"Siyazi ukuthi benza amacala eGoli nakwezinye izindawo bese bebalakela lapha KwaZulu Natal, umthetho uzidlala indawo yawo lapho sizozikhandla kakhulu,"kusho uMbalula 



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...