Bazovela ngonyaka ozayo ababoshelwe izibhamu ezingekho emthethweni

2016-12-30 14:30

eNyanga - Amaphoyisa ashaqe izibhamu ezimbili ezingekho emthethweni ngoLwesine ebusuku kubasolwa abagqekeze umuzi oseCrossroads.

Abasolwa ababili bagasele emzini osemgwaqeni uSonwabile Drive ezintatha ngo-01:00, umnikazi womuzi elele.

Umnikazi umangele ezwa umsindo, nokuthe uma eyohlola wazithela phezu kwabasolwa.

Uzamile ukulwa nabo, wamnqoba umsolwa oyedwa waze wazama ukuthola usizo kwase kuqhamuka abasolwa abathathu.

OLUNYE UDABA:Bakhishwe ngebheyili abesifazane abasolwa ngokudlwengula owesilisa wase-KZN

Oyedwa walaba basolwa udubule wabhekisa kumnikazi wendlu kodwa kwadubuleka uzakwabo washonela khona lapho.

Kubuye kwadubuleka abasolwa ababili, kwasala oyedwa engalimele. Laba ababili baboshelwe esiteshini saseNyanga kanti oyedwa uqashwe ngeso lokhozi esibhedlela.

Laba abathathu bazovela phambi kweMantshi yase-Athlone ngomhlaka 3, ngoLwesibili, kunyaka ka-2017.

Laba babhekene necala lokubulala, ukuphanga, ukuzama ukubulala nokuphatha izibhamu ezingekho emthethweni.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Sunny. Mild. Bloem: 3-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Scattered showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...