Bazovela enkantolo abasolwa ngokubulala uMasilela

2017-10-25 09:25

Johannesburg – Abesilisa abathathu kulindeleke bavele eNkantolo kaMantshi eBenoni ngoLwesithathu ngecala lokubulala umlingisi weRhythm City uDumi Masilela.

UMasilela wayedlala indawo kaSfiso Ngema kulo mdlalo kamabonakude obonakala ku-eTV.

Abasolwa abathathu abathathu bamataniswa necala lokubulala lo mlingisi ngemuva kokutholakala nemoto eyebiwe.

Imoto abatholakala nayo kukholakala ukuthi yasetshenziswa kudunwa imoto kamufa ngesikhathi eduthsulwa.

OLUNYE UDABA: Umculi uthi ngeke aphinde alenze uphutha lokujola kulo mkhakha

Baphinde batholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

 Kukholakala nokuthi omunye wabo wavuma ukuthi wayekhona kubulawa uMasilela.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...