Bazovela ababili ababhekene nelokubulala owesilisa eBukhosini

2017-09-11 19:29

Durban - Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uMajor General Bheki Langa uwuncome kakhulu umsebenzi wamaphoyisa wokubamba abasolwa ababili endaweni yakwaMsane.

"Sizoqinisekisa ukuthi kulandelwa yonke imigudu yezomthetho ukuqinisekisa ukuthi laba basolwa bayagwetshwa.

"Ngiwuncoma kakhulu umsebenzi wamaphoyisa okuyiwona enze umsebenzi omuhle wokusebenzisana nomphakathi ukuze kubanjwe laba basolwa," kusho uLanga.

OLUNYE UDABA:Isidumbu sowesimame sitholakale ngaphansi kombhede wesoka eMfekayi

Abasolwa ababili abeneminyaka engu-24 no-28 ubudala bazovela eNkantolo yeMantshi yakwaMsane ngecala lokubulala uMthokozisi Khoza, 26.

UKhoza wabulawa endaweni yakwaShikishela, eBhekamandla, ngakwaMsane.

Kuthiwa ngeSonto lwangomhlaka-9 Agasti 2017 umufi kanye nabasolwa bebesendaweni yaseBukhosini emcimbini wesintu ngesikhathi kuqala ingxabano phakathi kwabo.

Abasolwa balwa noKhoza bamgwaza amanxeba ambalwa emhlane nasengalweni yakwesokudla.

Waphuthunyiswa esibhedlela esizimele kodwa washonela endleleni.

Abasolwa babanjwa endaweni yakwaShikishela ngosizo lomphakathi.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...