Bazolulekwa ngokomqondo abafundi okwadutshulwa phambi kwabo uthishanhloko

2017-03-20 12:30

Durban - Abafundi okwadutshulwa kwabulawa isekela likathishanhloko phambi kwabo esikoleni esiseMgungundlovu bazoqala ukululekwa ngokomqondo namuhla (ngoMsombuluko).

Amaphoyisa athi, uPriscilla Thembelihle, wadutshulwa wabulawa ngamadoda amabili ngesikhathi efundisa ikilasi likamatikuletsheni esikoleni iLaduma High ngoMgqibelo.

OLUNYE UDABA: 'Ufele isikhundla sakhe uthishanhloko waseKZN'

UThembelihle wathola inqwaba yamanxeba okudutshulwa, wahlonzwa njengoshonile endaweni yesigameko.

Okhulumela owezeMfundo KwaZulu-Natal, uMuzi Mahlambi uthe iziphathimandla zizobe zizsekoleni namuhla.

"Sididekile ngezindaba ezibuhlungu zebamba likathishanhloko, isekela likathishanhloko kwisiFunda saseMgungundlovu elidutshulwe labulawa phambi kwabafundi ekilasini," usho njalo.

Amaphoyisa anxusa amalungu omphakathi anolwazi ngesigameko ukuba abikele isiteshi samaphoyisa esiseduze.


 - Newswatch

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Morning clouds. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 11-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...