Bazofaka isicelo sebheyili othisha abasolwa ngawocansi

2017-09-07 13:59

Johannesburg - Othisha ababili basesikoleni esiseNorthern Cape, ababoshwe ngempelasonto ngamacala okuzama ukudlwengula nokunukubeza ngokocansi abafundi, bazofaka isicelo sebheyili namuhla (ngoLwesine) kulandela ukuhlehliswa kwecala ngoMsombuluko.

Labo thisha basesikoleni iBothithong High bazovela eNkantolo yeMantshi yaseMothibistad.

Kumiswe uthisha wesithathu emsebenzini kulandela ukuvela kwalezi zinsolo.

OLUNYE UDABA:'Akuvalwe izigqebhe ezikoleni, ziphazamisa othisha'

UMnyango wezeMfundo eNorthern Cape ulusukumele udaba olubhekene nalabo thisha bobathathu kulandela uphenyo oluthi bayabandakanyeka ezinsolweni zokujola nabafundi.

Ummeli uKatlego Moribe uyachaza ukuthi kungani icala like lahlehlisiwe.

"Besesikulungele ukufaka isicelo sebheyili, yize kunjalo asikwazanga ngoba umseshi ubengekho enkantolo ezofakaza ngoba uMbuso ubuzimisele ngokusiphikisa isicelo sebheyili."

 - SABC

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...