Bazofaka isicelo sebheyili abasolwa ngokubulala izithandani epulazini

2017-09-12 13:59

Limpopo – Abasolwa abayisikhombisa, abavele kafuphi eNkantolo kaMantshi eLebowakgomo ngaphandle kwasePolokwane ngeledlule ngeqhaza labo ekuhlaseleni epulazini eZebediela, eMokopane, bazofaka isicelo sebheyili ngoLwesithathu ekuseni.

Abasolwa, abaneminyaka ephakathi kuka-29 no-42 ubudala, babanjwe ezifundazweni iLimpopo, eGauteng naseMpumalanga ngeledlule ngemuva kokuphuma umkhakaso kwamaphoyisa.

Kwatholakala isibhamu kanye nezinhlamvu ngesikhathi beboshwa abasolwa.

Okhulumela amaphoyisa aseLimpopo uLieutenant Colonel Moatshe Ngoepe uthe izithandani esezikhulile zahlaselwa ngabasolwa abangaziwa ebusuku emzini wazo ose-Immerpan Farm, eZebediela ngo-Agasti 19.

OLUNYE UDABA: Kudubuleke obehambisa isidumbu, izigebengu zivalelisa umufi

Abasolwa babaleka nezibhamu ezimbili zokuzingela, isibhamu esincane kanye ne-revolver.

Umndeni wathola izidumbu ngakusasa ekuseni.

Zombili zaziboshwe izandla futhi zinamanxeba okudutshulwa.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...