Bazobuyela emsebenzini abasebenzi bakwa-10111

2017-10-20 14:00

Johannesburg - ISouth African Policing Union (Sapu) ihoxise isiteleka sabasebenzi be-10111 kanti bazobuyela emsebenzini ngoMsombuluko okukuqala kusukela ngoJulayi.

Inyunyana, emele abasebenzi abangaphezu kuka-700 ebebetelekile, ibhalele umqashi imazisa ngesinqumo okuvunyelwane ngaso nabasebenzi ngoLwesine ebusuku.

INkantolo yazabaSebenzi ngoLwesine isichithile isicelo esiphuthumayo se-Sapu sokuba inqume ukuthi ngabe isiteleka sisemthethweni yini.

OLUNYE UDABA: I-EEF ilunqobe ngamalengiso ukhetho enyuvesi

Abaphathi bamaphoyisa bathi bazoqhubeka nokuqondisa izigwegwe labo basebenzi ebebengenele isiteleka.

Kodwa umengameli we-Sapu, uMpho Kwinika, uthi bazobafaka enkantolo uma beqhubeka nalokho.

“Ngeke kwenzeke lutho kulabo basebenzi. Uma benesiqiniseko salokho abakwenzayo, abaqhubeke. Ngeke baphumelele. Sizobafaka enkantolo.”

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Heavy rain late. Mostly cloudy. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-24°C Sunny. Mild. Bloem: 8-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-27°C Sunny. Warm. PE: 12-25°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...