Bazimisele ngokwenza kahle abafundi nakuba isimo sesikole sibheda

2017-01-11 11:31

Vuwani  – Abafundi bakamatikuletsheni eVuwani bathi bafuna ukwenza kahle kulo nyaka nakuba bebuyela ezikoleni ezacekelwa phansi.

Ezinye zezikole zashiswa ngesikhathi kunemibhikisho emayelana nemingcele ngonyaka odlule.

Nakuba uMnyango weMfundo eyisiSekelo wahlinzeka ngamagumbi okufundela angu-70 angomahamba nendlwane ezikoleni ezikhahlamezekile, amanye babafundi basemagunjini okufundela angenazo izihlalo namatafula.

OLUNYE UDABA: Kushone izingane ziya esikoleni eNtuzuma

Abafundi baseMugoidwa Secondary School basemaklasini kumanje, kodwa abanye bayaphoqeleka ukuba bancikisane esihlalweni nasematafuleni.

Izihlalo kanye namatafula kwasha kwabangumlotha ngesikhathi semibhikisho.

Kodwa abafundi bathi lokhu ngeke kubavimbe ekutholeni imiphumela emihle.

Uthishanhloko uthi indaba yokushoda kwefenisha wayikhuluma noMnyango wezeMfundo.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...