Bazenze amaphoyisa abababulale umholi we-ANCYL eKZN

2017-11-23 14:00

Durban – Amaphoyisa aKwaZulu-Natal athi abantu abadubule babulala umholi wophiko lwentsha lwe-ANC esifundazweni ngoLwesine ekuseni, bazenze amaphoyisa.

"Abasolwa abangaziwa, abazenze amaphoyisa, bayalele isisulu esineminyaka engu-35 ubudala ukuba sivule umnyango. Kuthe uma sivula umnyango isisulu, abasolwa bavulela ngenhlamvu, salimala ekhanda,” kusho uColonel Thembeka Mbhele.

USthe Mhlongo, obeyiPhini likaNobhala we-ANCYL esifundeni iMoses Mabhida, ushone ngemuva kokuphuthunyiswa eHilton Private Hospital eMgungundlovu.

Udutshulelwe esemzini wakhe eMpophomeni ngezithuba zabo-02:00 ekuseni.

"Kuvulwe icala lokubulala emaphoyiseni aseMpophomeni ukuze kwenziwe uphenyo,” kusho uMbhele.

OLUNYE UDABA: Ushiye phansi ibandla onukwa ngokuthakatha

Uthe imbangela yokubulawa kukaMhlongo kayaziwa okwamanje.

"Kuyethusa ukuthi umuntu osemusha angabulawa ngesihluku esingaka phambi komndeni wakhe,” kusho uNobhala we- ANCYL esifundazweni, uThanduxolo Sabelo, etshela iNews24.

USabelo uthe uMhlongo bekusaphele unyaka eshadelwe, umkakhe manje usengumfelokazi.

Ukubulawa kukaMhlongo kulandela ukubulawa kukalowo obeyisishoshovu se-ANC uLungisani Mnguni owadutshulwa wabulawa khona esifundazweni ngomhlaka-20 Novemba.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Mostly sunny. Cool. Pta: 18-29°C Sunny. Warm.
Jhb: 16-26°C Mostly sunny. Warm. Bloem: 12-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 16-22°C Passing showers. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...