Bayitshele ezikabhoqo iMeya yaseJozini emhlanganweni womphakathi

2017-09-28 07:00

eJozini - Bayitshele kwezikabhoqo iMeya, uDelani Mabika, bathi kumele yenze imizamo yokuthola amanzi kanye nokuqedwa kwezidakamizwa emphakathini.

Izakhamuzi zasendaweni yaseMzondi eJozini zimenywe emhlanganweni ohlelwe wumasipala wendawo lapho kuvele khona ukuthi ziningi izinkinga ezikhona emphakathini.

Izakhamuzi zikhale kakhulu ngokwentuleka kwamanzi, izidakamizwa kanye nokungabibikho kwezinhlelo okuhloswe ngazo ukuthuthukisa umphakathi.

UMsawakhe Sithole obengomunye wamalungu omphakathi abanikezwe ithuba lokuphawula, ubedinwe ethuthumela ekhomba ngisho amanzi asetafuleni lezikhulu zikamasipala.

“Meya ngeke bukani nje nina niphuza amanzi ekhethelo kodwa thina la eMzondi asinalao ngisho iconsi leli, singakhala kubani uma singakhali kuwe.

OLUNYE UDABA:UMengameli weCosatu uphika imibiko ethi 'uhlabe ikhefu lokugula'

“Sicela usisize ngempela ngoba sizofa phela masingawatholi amanzi. Ayaphela amasonto singenawo amanzi, uwena okumele wenze imizamo yokubhekelela abantu bakho,” kusho uSithole.

Ngesikhathi yethula inkulumo yayo, iMeya ithe zikhona izinhlelo abanazo zokuhlinzeka umphakathi wakule ndawo ngamanzi.

UMabika ubuye waveza nokuthi zikhona izimali esebezibekwe eceleni ukuze bakwazi ukusiza intsha ithuthukise amakhono yikhona kuzogwemeka ukuthi ingaweli ekudleni izidakamizwa.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...