Bayisithupha abeqe ejele laseLimpopo kunezidubedube

2017-10-28 09:05

Polokwane - Kweqe iziboshwa eziyisithupha ejele laseLimpopo ngemuva kokuqala kwezibhelu eziqubuke ngoLwesine ebusuku kwaze kwaba yisezintatha zangoLwesihlanu, kubika iThe Citizen.

Lezi ziboshwa zivuke umbhejazane zalimaza impahla yejele zaphinde zayishisa.

“Amaphoyisa aseMakhado avule icala lokushisa, ukulinyazwa kwempahla kanye nokweqa ejele, la macala avulelwe iziboshwa zasejele iKutama Sinthumule," kusho uBrigadier Motlafela Mojapelo okhulumela amaphoyisa.

OLUNYE UDABA:Zibulale ojele iziboshwa ezimbili ezeqe zihanjiswa kwelinye ijele

Izisebenza zasejele zicele amaphoyisa aqapha udweshu emphakathini kanye namaphoyisa asebenzela amanye amayunithi ukuba azoleklela ukudambisa nokulawula isimo kuleli jele.

Ngesikhathi sekubalwa iziboshwa, kutholakale ukuthi ziyisithupha ezinyamalele.

"Iziphathimandla zaleli jele zisaqhubeka nomsebenzi wokuqoqa nokuhlanganisa umbiko mayelana nokuthi kwenzakaleni, kanye nokuthi yiziphi iziboshwa ezeqile ukuze kuzokhishwa izithombe zazo."


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...