Bayaveva abahlali baseThekwini ngesivumelwano sikaMasipala noMTN

2017-05-23 12:32

Durban – Bathukuthele bayaveva abahlali baseThekwini ngemuva kokuthola ukuthi uMasipala weTheku ususayine isivumelwano esiyimfihlo nesikhondlakhondla senkampani yomakhalekhukhwini, uMTN, ukuze ifake imibhoshongo eyenza ukuthi kudonse amafoni (antennae), ngaphandle kokulandela imithetho yokubandakanya umphakathi, ngokombiko weCity Press.  

Kulo mbiko kuphinde kusolwe leli dolobha ngokuthi laphinde “laqamba amanga” kwizakhamizi ngale mibhoshongo, njengoba kuthiwa lathi kuzobe kuwukwandiswa kwamakhamera eCCTV kanye namakhamera akwazi ukubona i-licence-plate yemoto ukuthi ingekabani.

Manje izikhamizi sezigxeka ukufakwa kwale mibhoshongo njengesizathu sokuthi zibe nezimpawu zokugula okungabekezeleleki nokufana nezimpawu zokugula okubizwa nge-radiation. Phakathi kwezinye zizimpawu zalokhu kugula kubalwa ukukhathala, ukubuyisa, ukukhishwa yisisu, inkinga yesikhumba, ukulahleka kwezinwenele kanye nezilonda emlonyeni.

OLUNYE UDABA: Inkampani yamaselula ifuna isixazululo kolwabasebenzi abaxoshwe nge-SMS

Ngesikhathi izakhimizi zifuna ukucaciselwa ukuthi ngabe yimibhoshongo yomakhalekhukhwini yini le efakwayo, okhulumela uMasipala weTheku, uTozi Mthethwa, waqinisekisa abahlali ukuthi le mibhoshongo eyamakhamera njengengxenye yezinhlelo zedolobha zokuqinisa “ezokuphepha”, ikakhulukazi ezindaweni osekubikwe ubugebengu oboningi kuzona.

“La makhamera aqashwa amahora angu-24, izinsuku ezingu-365 ngonyaka,” kusho uMthethwa esitatimendeni.

ICity Press ithole ukuthi iNhloko yeDisaster Management eThekwini, uVincent Ngubane, wenza isivumelwano noMTN ukuze le nkampani izofaka imibhoshongo futhi ikwazi ukugwema ukubandakanyeka komphakathi okudingekayo.

INational Property Manager kwaMTN, uGerard Naidoo, uqinisekise kuCity Press ukuthi le nkampani “inesivumelwano sengqalasizinda nomasipala” nesivumela le nkampani ukuthi isebenzise ngokuhlanganyela nomasipala ingqalasizinda kaMasipala.

Manje amakhulu abahlali baseThekwini bakhala ngezimpawu zokugula okubalwa kuzo ukuphathwa yikhanda, ubuhlungu bemisipha, ukukhathala kanye nesiyezi.

Omunye wabahlali baseGlenwood, u-Andre van Rooyen, kanye nonkosikazi wakhe baze balaliswa esibhedlela ngenxa yokugula.

Abahlali baseWoodhurst, eChatsworth, sebenikele enkantolo ukuze kuwiswe le mibhoshongo.  

- City Press

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...