Bayavela abesifazane abangu-7 abasolwa ngelokushisa

2017-09-08 14:00

Johannesburg - Abantu besifazane abangu-7 nowesilisa oyedwa balindeleke ukuba bavele namuhla eNkantolo yeMantshi yase-East London ngokubandakanyeka esigamekweni sokushiswa komuzi wekhansela, uNokulunga Matiwane, eReeston.

Bazobhekana necala lokubulala nokuqala umlilo ngamabomu.

Isidumbu sengane eneminyaka engu-15 ubudala esishile satholwa kulo muzi ngesikhathi amaphoyisa eqhuba uphenyo lwawo ngemuva kokubhulwa kwelangabi.

OLUNYE UDABA:Bayavela abasolwa ngokubulala amantombazane eKapa

UHazel Mqala okhulumela amaphoyisa uthe: "Ngomhlaka-7 Septhemba uColonel Maqhubela esebenzisana nabeyiCrime Prevention bakwazile ukubopha abesifazane abayisikhombisa nowesilisa oyedwa.

"Iminyaka yabasolwa iphakathi kwengu-29 nengu-45 ubudala kanti babhekene necala lokushisa nokubulala. Kulindeleke ukuba bavele namuhla enkantolo."


 - SABC

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...