Bayavela abasolwa ngokubulala owayeyozikhulula ehlathini

2017-09-13 13:59

Johannesburg - Abasolwa ababili kulindeleke ukuba bavele enkantolo kulandela ukuboshelwa ukubulala uRirhandzu Manganye, 16, eGumbani Village.

Isidumbu sikamufi esasishumpuliwe satholwa ngomhlaka-6 Julayi ngemuva kokuphuma endlini eyozikhulula ehlathini elingasemfuleni eGumbani Village, kodwa akazange aphinde abuye ekhaya kubika iLetaba Herald.

Amaphoyisa  aqalisa uphenyo olunzulu olwaholela ekutheni kuboshwe abantu ababili.

OLUNYE UDABA:Uphele emehlweni osolwa ngokufuna ukubulala ingane yakhe ezokwenza umuthi wokuwina

U-Austine Nhuluvhe, 43, waboshwa eGiyane kanti uKheyi Billy Chauke, 42, waboshwa e-Alexandra, eGauteng.

Abasolwa bobabili, selokhu baboshwa ngomhlaka-17 Agasti bagqunywe esitokisini.

Kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseMalamulele ngoLwesithathu, ngomhlaka-13 Septhemba.



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...