Bayavela abasolwa ngokubulala amadoda amane

2017-08-04 16:01

Port Elizabeth - Kulindeleke ukuba kuvele abasolwa abayishumi eNkantolo yeMantshi yaseLibode ngoLwesihlanu ngokubandakanyeka esigamekweni sokubulala amadoda amane ngezinsolo zokweba imfuyo.

Okhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape, uLieutenant-Colonel Mzukisi Fatyela uthe amadoda amane, agwazwa aphinde agencwa ngocelemba eMphangana ngoMsombuluko.

Kusolwa ukuthi la madoda abanjwa ezama ukweba izinkomo.

OLUNYE UDABA: Bayavela abasolwa ngokweba imfuyo eLimpopo

UFatyela uthe abekho ofakazi asebeze ngaphambili, kodwa uphenyo lwamaphoyisa luholele ekutheni kuboshwe amadoda ayishumi ngoLwesithathu.

Abasolwa, abaneminyaka ephakathi kwengu-20 nengu-47, baboshwe eMphangana kanti babhekene necala lokuthumba nokubulala.

Ukhomishana wamaphoyisa ase-Eastern Cape uLieutenant-General Liziwe Ntshinga uxwayise ngokuthi kuwubugebengu ukuzithathela umthetho ezandleni.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Showers early. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-27°C Showers early. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 16-24°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-25°C Showers early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-30°C a few showers. Mostly cloudy. Warm. PE: 19-26°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...