Bayavela abasolwa abathathu abatholakale nezicubu zabantu

2017-08-21 14:00

Estcourt - Umphakathi uphume ngobuningi bawo uyolalela icala labantu abathathu abasolwa ngokutholakala nezicubu zomzimba womuntu.

Laba basolwa bavele phambi kweNkantolo yeMantshi yase-Estcourt ngoMsombuluko.

OLUNYE UDABA:"Angazi zatholakala kanjani izicubu zomzimba emotweni yami"

Laba babanjwe ngempelasonto ngesikhathi amaphoyisa athola izicubu zomzimba endaweni yaseRensburgdrift naseMangwe.

Amaphoyisa athi laba basolwa, abaseminyakeni ephakathi kuka-22, 29 no-32 ubudala, babhekene namacala okubulala nokutholakala nezicubu zomzimba.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...