Bayavela abashayeli ababoshelwe ukushayela bebudlonyile ngempelasonto

2017-12-27 07:44

Johannesburg - Kulindeleke abashayeli abangaphezu kwabangu-500 ukuba baveleezinkantolo ezahlukene eGoli namuhla (ngoLwesithathu) ekuseni kulendela ukuchitha impelasonto kaKhisimusi ejele ngelokushayela bedle amanzi amponjwana.

Iziphathimandla zithi azikubabekezelela abantu abayishaya indiva imithetho yomgwaqo kula maholidi kaKhisimusi zaxwayisa abashayeli ukuba bangawathathi amashansi.

OLUNYE UDABA:Sekuboshwe abangaphezu kuka-3 000 emigwaqeni yakuleli

UWayne Minnaar weJMPD, uthe indawo yaseSoweto yiyo ehamba phambili ngamacala okushayela udle ezikaFaro, ilandelwa yi-Sandton. 

" Amaphoyisa asazoqhubeka nomsebenzi ukwehlisa izingozi zomgwaqo ngakho abashayeli bayacelwa ukuba bakugweme ukuham,ba ngesivinini esiphezulu nokushayela bedle izinkambi zikaFaro."


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...