Bayagagamela labo abafuna kuxoshwe uDlamini ngolwakwaSassa – Zuma

2017-03-11 11:00

Pretoria – UMengameli Jacob Zuma uthi labo abaphakamisa ukuthi kuxoshwe uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uBathabile Dlamini ngodaba lwakwa-Sassa, bayagagamela.

UMengameli uthe akanakho nokuncane ukungabaza ukuthi abantu bazoyithola imali yesibonelelo sikahulumeni ngenyanga ezayo.

UZuma uphawule kanje ngemuva komhlangano womkhandlu wehhovisi lakhe ePitoli ngoLwesihlanu, lapho bekudingidwa khona izindaba eziphathelene nokufudukela kwabantu kuleli kanye nokubuyiselwa kwezidingo emphakathini.

UMengameli Zuma uthe abantu "abehlise amaphaphu" ngoba akekho umuntu ongeke ahole ngomhlaka-1 Ephreli

“Abantu sebengomahluleli abakhulu lungakafiki ngisho usuku lokuholwa kwale mali. Sebesho izinto eziningi, angicabangi ukuthi yindlela efanele leyo yokwenza izinto, iyadukisa,” esho.

Uthe uyalele uDlamini noNgqongqoshe wezeziMali uPravin Gordhana ukuba bahlanganise umbiko mayelana nale nzukazikeyi.

Uphethe ngokuthi uma kukhona abangawenzi umsebenzi ngendlela, nokungaholela ekutheni kube khona abantu abangazitholi izibonelelo zabo, labo bazothathelwa izinyathelo.

Buka nansi i-video ngezansi:

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Showers early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 12-16°C Showers early. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...