Bawavumile amacala abasolwa 'ngokusiza uManana eshaya abesifazane'

2017-10-06 16:03

Randburg – Amadoda amabili, ashaya abesifazane ekanye nalowo owayeyiSekela likaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, uMduduzi Manana, eGoli ngo-Agasti, alivumile icala eNkantolo yeMantshi yaseRandburg ngoLwesihlanu.

La madoda avume amacala amabili okushaya ngenhloso yokulimaza kulandela ukubandakanyeka esigamekweni sokushaywa kwabesifazane abathathu endaweni yobumnandi edumile iCubaña, eFourways, ngomhlaka-6 Agasti.

UCyril Madonsela, 35, nasolwa naye uThulani Mdaka, 30, bobabili bafundelwe izincwadi ezifungelwe ngabameli babo, beqinisekisa okwenzeka ngosuku lwesigameko.

UMadonsela noMdaka bathi bafika eCubaña ngabo-20:00 bahlala kosofa. Kwathi ngokuhamba kwesikhathi, kwafika abesifazane bahlala eduze nabo, kepha bengakaze bakhulume nabo.

OLUNYE UDABA: USekela Ngqongqoshe ‘uzisola kakhulu’ ngezinsolo zokushaya owesifazane

Bathi kwase kusuka umsindo ngesikhathi becela laba besifazane ukuba bayeke ukubaqopha ngomakhalekhukhwini. I-video etshengisa lesi sigameko yazungeza ezinkundleni zokuxhumana, omunye wezisulu walandisa kuTwitter ngokumehlele.

Laba bobabili bavumile ukushaya uMandisa Duma noNoluthando Mahlaba, bevuma ukuthi bashaya laba besifazane ngezimpama, amaqupha, bebakhahlela futhi babadonsa nangezinwele.

"Ngiyavuma ukuthi akukho engingazivikela ngakho ngesenzo sami, njengoba impilo yami yayingekho engcupheni futhi angizange ngisatshiswe, okusho ukuthi sasingekho isidingo sokuthi ngizivikele. Ngangikwazi konke engangikwenza," kutshelwe inkantolo.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...