Bavelile abasolwa ngokuthumba owesilisa emakhazeni bayomshisa

2017-07-12 13:59

Brits - Amadoda amabili abhekene necala lokuthumba owesilisa oneminyaka engu-60 ubudala.

Ngokusho kukaLieutenant-Colonel Pelonomi Makau amaphoyisa alusukumele phezulu udaba lokuthunjwa nokubulawa kwalo wesilisa.

Ngokusho kukaMakau, amadoda amabili aneminyaka engu-22 kanye no-35 ubudala angene emakhazeni aseMmakau ngomhlaka-8 Julayi ngo-23:00 ebusuku athumba lo wesilisa.

Amthatha amfaka emotweni ethutha izidumbu, ahamba naye.

OLUNYE UDABA:Uvuke emakhazeni kwatatazela izisebenzi

“Ngesikhathi amaphoyisa aphenya icala lokuthunjwa kwalo wesilisa, athola isidumbu sakhe esishisiwe eSomaphepha, ngaseMiddleburg, eMpumalanga,” kusho uMakau.

Uthi lesi sidumbu satholakala ngomhlaka-9 Julayi kanti nayo imoto ethwala izidumbu itholakale kule ndawo.

Abasolwa babanjwa ngalolo suku kanti futhi babekwe amacala okugebenga ibhizininisi, ukuthumba kanye nokubulala, kubika iThe Citizen.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-26°C Rain early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-21°C Showers early. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-28°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Sprinkles. Morning clouds. Warm. PE: 19-26°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...