Bavelile abasolwa ngokushushumbisa umuntu

2017-12-11 12:30

Cape Town - Kuboshwe abantu abathathu ngamacala okushushumbisa umuntu.

Lokhu kua ngemuva kophenyo wamaphoyisa ophiko loKlebe ngowesifazane okwezwakala ukuthi wayengelwa eKapa esuka eGoli ethenjiswe umsebenzi.

Wathathwa ngenkani wenziwa umahosha ngempoqo.

OLUNYE UDABA:Usevelile owesifazane osolwa ngokushushumbisa umuntu eKZN

La bantu bobathathu bavele ngoLwesihlanu enkantlo ngemuva kokuba amaphoyisa aphuthuma esigamekweni sokushushumbiswa komuntu eMilnerton.

Isisulu, 26, kuzwakale ukuthi saybizelwa ngowesifazane eKapa sisuka eGoli sithenjiswe umsebenzi.

Ngesikhathi isisulu sifika eKapa salandwa ngamadoda amabili.

Isisulu sabe sesiphoqwa ukuba sibe wumahosha.

Isisulu sakwazi ukubaleka sabe sesibikela abomthetho ngodaba lwaso.

 - EWN

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...