Bavelile abasolwa ngokubulala iphoyisa laseShowe

2017-12-05 11:01

eThekwini - Bavelile abasolwa abane ababhekene nelokubulala iphoyisa eMbongolwane, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngesitatimende.

Kukholakala ukuthi uMhlakayifani Mpho Mathonsi, 22, noMbongiseni Madwa Thusini, 21, bake baboshelwa amacala okuphanga ibhizinisi eMbongolwane ngo-2014.

Ngemuva kokuvela kwabo enkantolo, badedelwa ngebheyili, nokuyilapho ababaleka khona bangabheka emuva.

Abazange bayigcine imigomo nemibandela yebheyili futhi kabazange baphinde bavele enkantolo, kwaze kwakhishwa incwadi egunyaza ukuthi baboshwe, kuqhuba isitatimende.

OLUNYE UDABA:Kubanjwe ababili ngokubulawa kwephoyisa laseShowe

Laba basolwa bavele eNkantolo yeMantshi yaseShowe ngoMsombuluko lapho abafike bahoxisa khona isicelo sabo sebheyili.

Icala labo lihlehliselwe umhlaka-19 Januwari 2018 kanti bazohlala esitokisini kuze kushaye lolo suku. 

Bazobuye bavele ngecala lokuphanga abalibalekela.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...