Bavelile ababili abasolwa ngokuphanga ibhange lawa-FNB ngoncibijane

2017-02-07 11:33

Johannesburg - UNorman Moeli kanye no-Maredi Letsoalo‚ abaneminyaka engu-44 babheke nemacala okwakha itulo lokugqekeza nokugebenga leli bhange eRandburg.

Laba bavele kancane enkantolo ngoMsombuluko kanti kulindeke ukuba babuyele enkantolo ngesonto elizayo lapho bazofaka khona isicelo sebheyili.

Leli cala lihlehliselwe nokuthi umbuso usadinga ukuqinisekisa ikheli likaMoeli.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe nowayeyiphoyisa ngelokuphanga ibhange

madoda abanjwa ngemuva kokugetshengwa kwamagatsha aleli bhange, kubika iSowetan.

Imibiko ithi izigebengu zangena ngophahla lwegatsha laleli bhange eParktown ngoNcibijane bathatha imali engango-R1.7-million kanye nangcebo ebabhokisini angu-30 agcinwe ebhange.

Ngemuva kwezinsuku ezimbili kwenzeke lokhu, kutholakale amabhokisi angu-252 alahlwe esigangeni lawa mabhokisi kubonakale ukuthi agqekiziwe kwathathwa ubucwebe kwashiywa amaphepha kuphela.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-21°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. PE: 15-21°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...