Bavele enkantolo 'abamba amathuna bacwiya izidumbu'

2017-07-25 07:01

Bloemfontein – Abantu abahlanu bavele eNkantolo kaMantshi eClocolan ngoMsombuluko ngezinsolo zokumba amathuna, bese besebenzisa izicubu zabantu ukwenza imithi yesintu, kusho amaphoyisa aseFree State.

UMpho Mokhethi, 32, Moeketsi Lekoko, 34, Moabe Ramoabe, 32, Khotso Monyobo, 32, noMamodibedi Moketetsa, 32, bagcinwe esitokisini kuze kube uLwesithathu lapho bezofaka khona isicelo sebheyili, kusho okhulumela amaphoyisa uColonel Thandi Mbambo esitatimendeni.

Abasolwa baboshwa ngemuva kokuba amaphoyisa encinzwe indlebe ngomhlaka 3 Julayi, kulandela ukutholakala kogebhezi lomuntu ngaphandle kwesigodlo senyanga eHlohlolwane, eClocolan.

Kwatholakala nolimi lomuntu kuplastiki ngaphakathi esigodlweni.

OLUNYE UDABA: Ushonele egunjini lomqwayizi ohambe ekhaya eyophuza

NgoMeyi, izisebenzi zikamasipala emathuneni zashaqeka ngesikhathi zithola ithuna likaBanta Petrus Ranthako, 63, limbiwe.

Uphenyo lwathola ukuthi ikhanda lakhe likhishiwe.

UMbambo uthe ukuhlolwa kogebhezi kuziqinisekisa ukuthi ngempela ngolwekhanda likaRanthako yini.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...