Bavele enkantolo abakhokhelwa umasipala u-R10.6m esikhundleni sika-R1.6m

2017-10-06 16:03

Siyabuswa – Owesilisa kanye nomkakhe bavele eNkantolo yesiFunda eSiyabuswa, eMpumalanga ngoLwesine, ngemuva kwezonsolo ezithi bakhokhelwa ngumasipala ngephutha imali engu- 10.6-million, esikhudleni sika-R1.6-million, okwakumele bakhokhelwe wona ngomsebenzi wokwakha abawenzela umasipala wendawo.

UGeorge noMaria Mabaso ababuzwanga ukuthi bayalivuma yini icala eligcine ngokuba lihlehliselwe umhlaka-9 Novemba ukuze ummeli wabo ezothola imininingwane ngecala.

Lezi zithandani zadedelwa ngebheyili ka-R10 000 umuntu emunye ngesikhathi zivele okokuqala enkantolo ngenyanga edlule.

NgoLwesine, okhulumela oKlebe eMpumalanga, uCaptain Dineo Sekgotodi, uthe izithandani zakhokhelwa ngokweqile ngemuva kokwakha idamu lamanzi endaweni ngenyanga edlule.

OLUNYE UDABA: Kutholakale isalukazi sishonile endlini

“Bakhokhelwa ngephutha imali engu-R10.6-million eyafakwa kwi-akhawunti yebhizinisi labo, nokuthe uma umasipala esezama ukuyilanda imali, kwase kungekho lutho kwi-akhawunti,” kusho uSekgotodi. 

“Uphenyo lwethu luveza ukuthi ngokuhamba kwesikhathi imali bayifaka kwi-akhawunti yabo yangasese, bathenga ngayo izinto zebhizinisi labo."

Kuthiwa lezi zithandani aziphikanga emaphoyiseni ukuthi zakhokhelwa imali engaphezu kwaleyo okwakumele ziyithole.

- eNCA

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...