Batholelwe indawo yesikhashana abahlaselwe yizikhukhula eNewcastle

2017-02-22 09:32

Durban - Ithimba labezimo eziphuthumayo kuMasipala waseNewcastle lihlele izindawo zesikhashana zokulekelela abakhungethwe yizikhukhula.

Ngokusho koMphathi wezokuVikeleka koMphakathi uNelson Mpeko, ngeSonto ithimba lakhe lahambela izandawo ezahlukene ukuhlola isimo kulandela imvula enamandla.

"Ngesikhathi sihlola isimo sithole ukuthi amabhuloho amaningi ayagcwala kanti futhi kumele siqaphelisise izindawo ezisondelene nemifula," kusho yena.

UMpeko utshele abeZindaba24 ukuthi ayikho imibiko ngabantu abamuke nezikhukhula okwamanje kodwa zikhona izindawo ezihlelelwe amalungu omphakathi ikakhulukazi lawo asondelene nemifula.

OLUNYE UDABA:Izikhukhula zase-KZN zidlule nemiphefumulo yabantu

Imifula iNcandu, iNgagane, kanye neBuffoillo igcwele iyaphuphuma kanti sekuhlelwe izindawo lapho kuzocushiswa khona amalungu omphakathi.

Izindawo ezikhungatheke kakhulu kubalwa iLennoxton, Paradise kanye nemijondolo yaseSiyahlala-la naseMadadeni eSection 3 nase-5.

"NgoLwesibili sisebenzisane namalungu omphakathi ikakhulukazi abanikazi bamaveni ukuhlela amahholo omphakathi lapho kuzohlaliswa khona abantu abahlaselwa yizikhukhula."

Kulungiswe amahholo omphakathi okubalwa iFairleigh ezosetshenziswa abantu base-Lennoxton, Paradise naseSiyahlala-la.

Umphakathi waseMadadeni uzocushiswa ehholweni lomphakathi kule ndawo kanti abaSosizweni kanye naseBlaauwbosch bazocushiswa ehholweni lomphakathi kanye nasesikoleni uMzamo High School

UMpeko uthi kuhlelwe umhlangano ophuthumayo wekomidi lezokuphepha noLwethathu ukulunguselela ukulawula isimo nokuqinisekisa ukuthi umphakathi uphephile.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Showers early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-19°C Partly cloudy. Cool. PE: 12-16°C Showers early. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...