Batholane esiteshini samaphoyisa obaba bengane 'ebilahlekile' eThekwini

2017-10-19 19:30

eThekwini - Owesimame waseThekwini owakhohlisa amaphoyisa ngokuthi kuthunjwe ingane yakhe, useboshiwe.

Lo wesimame oneminyaka engu-27 ubudala waselokishini iSiyanda eThekwini waya emaphoyiseni eyobika ngokulahleka kwendodana yakhe enezinyanga ezinhlanu izelwe.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Khephu Ndlovu uthe lo mama utshele amaphoyisa ukuthi ubeyobona udokotela emtholampilo osedolobheni ngoLwesihlanu nokuwusuku lwesigameko.

“Ngesikhathi elapho, uthi kuqhamuke owesimame encoma ingane yakhe base bayazixoxela. Uthe esuka wanikeza lo wesimame ingane ukuba amgadele yona esaya endlini encane,” kusho uNdlovu.

Lo msolwa utshele amaphoyisa ukuthi ubuye endlini encane engasekho lo wesimame nengane yakhe.

“Ngesikhathi kuphenywa lolu daba, amaphoyisa ambuze ukuthi kungani ethathe amahora angaphezu kwamathathu ukubika ngalolu daba, wangakwazi ukuphendula nokuyilapho amaphoyisa aqale khona ukusola,” kuqhubeka uNdlovu.

OLUNYE UDABA:Sishiye abaningi bebambe ongezansi isiqephu sayizolo sikaTatakho

Uphenyo lwamaphoyisa luveze ukuthi lo wesimame uhubhuza amanga.

Amaphoyisa athole ukuthi ingane uyinikeze owesilisa ohlala e-Illovo okukholakala ukuthi nguye ubaba wengane.

“Ingane yalethwa esiteshini samaphoyisa ngowesilisa kodwa kwaba nokudideka ukuthi ubani ubaba wengane wangempela phakathi kwalo wesilisa ofike nengane, nalo obelinde esiteshini nomama wayo,” kusho uNdlovu.

Lo wesimame ubekwe amacala okuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho kanye nokuqamba amanga.

La madoda azokwenza ulibofuzo nengane ukuze kubonakale ukuthi ngubani ubaba wengane wangempela.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...