Bathi ubenzele phansi uMchunu ngokwehla esikhundleni

2016-05-24 08:01

Durban – Abalandeli balowo obenguNdunankulu eKwaZulu-Natal uSenzo Mchunu bazizwa benzelwe phansi ngokwesula kwakhe esikhundleni.

NgoMsombuluko ntambama kumenyezelwe ukuthi wesulile esikhundleni sakhe uMchunu, obengaphansi kwengcindezi yekomidi eliphezulu le-ANC esifundazweni, kanti esikhundleni sakhe kuzongena uWillies Mchunu.

Lokhu kuphinde kwaqinisekiswa esithangamini sabesindaba esiphuthumayo se-ANC.

I-ANC ithe ibenomhlangano noMchunu ngoLesihlanu ukumchazela ngesinqumo seqembu, wasamukela.

Funda nalolu daba: UNdunankulu omusha eKZN

Ngokombiko weThe Mercury, labo abasondelene naye ngesikhathi bezwa lezi zindaba bathe uMchunu ubenzele phansi ngokwesula ngoba bebemyalele ukuba angehli esikhundleni.

Kubikwa ukuthi bathe lokhu kuyinkinga ngoba ngeke besakwazi ukumlwela esehlile esikhundleni.

IThe Mercury ithi uSthenjwa Nyawose, owayehamba phambili emashini eyayiphikisana nemiphumela yokhetho olwanqotshwa uSihle Zikalala, uvele waphelelwa amazwi, wathi ubengakulindele lokhu.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...