Bathi bazimisele ngokulwela uRamaphosa uma esuswa esikhundleni

2017-10-23 11:00

Johannesburg – Njengoba amahlebezi eqhubeka nokusabalala okuthi iPhini likaMengameli uCyril Ramaphosa angase axoshwe, labo abamkhankaselayo bathi bakulindele lokho, bathi futhi bakulungele nokumlelwa.

Kulandela isinqumo sikaMengameli Jacob Zuma sokwenza izinguquko kwiKhabhinethi ngeledlule, abalandeli baRamaphosa bathi bayazi ukuthi uMengameli uhlela nokuxosha iphini lakhe.

URamaphosa ePhalamende wathi ukusebenza kwakhe kusemseni kaMengameli, wathi uma engaxoshwa, uzokwamukela lokho.

OLUNYE UDABA: I-DA izofaka uhulumeni enkantolo uma eqhubeka nolwenuzi

Laba abeseka uRamaphosa bathi bayazi ngezinsolo ngombiko okuthiwa owezobunhloli okuthiwa uzosetshenziswa nguMengameli Jacob Zuma ukuxosha uRamaphosa.

Kodwa bathi lokho akubakhathazi.

NgoLwesihlanu, okhulumela uMengameli Zuma, Bongani Ngqulunga, uthe imibiko ethi kuzoxoshwa uRamaphosa ingamahlebenzi nje kuphela ngakho ngeke baphawule ngayo.

La mahlabezi asuswa wukuthi inkemba ikhale kuBlade Nzimande obenguNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme nobengakufihli ukuthi akahambisani nezinye zezinqumo zikaMengameli.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-26°C Numerous showers. Cloudy. Warm.
Jhb: 17-22°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 23-27°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C a few showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...