Bathathu abashone ezingozini ezenzeke eWestern Cape

2018-04-07 10:59

EKapa - Kushone abantu abathathu kwalimala kabi nabanye ezingozini zangoLwesihlanu.

OyiWestern Cape Traffic Chief, Kenny Africa, uthi ingozi yokuqala yenzeke kuR43 phakathi kweHermanus neStandford, ngo-19:20.

"Lapha kushayisane imoto yohlobo lweFord LDV kanye neChevrolet. Umshayeli we-LVD ushonele endaweni yesigameko kwalimala nabagibeli abathathu, kwi-Chev kulimale oyedwa,"kusho yena.

Uthi kusolakala sengathi lomshayeli oshonile ubedle amponjwana kanti ubezama ukudlula enye imoto ngesikhathi kwenzeka lengozi.

Kwenye ingozi, kushayisane imizoto ezimbili kuR46 ngaseCeres.

OLUNYE UDABA:Abashayeli bazongena bajule emakhikhini bekhokhela ama-Toll Gate

U-Africa uthi umshayeli wemoto edonsa ezinye ushayisane nemoto enkulu ngesikhathi ehluleka ukuyilawula yaphaphalaza.

Kushone oyedwa kule ngozi kwalimala abanye abangu-15.

Ingozi yenzeke ku-N7 lapho imoto ishayise yabulala umuntu obehamba emgwaqeni ngasePotsdam.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...