Bathathane ngequpha omakhwapheni bomculi weKwaito unkosikazi engekho

2018-01-15 14:02

eGoli - Inkakha yomculo we-Kwaito uMdu Masilela udume ngokuba yisoka lamanyala, kanti lokhu kuqinisekiswe yisigameko sakamuva esibandakanya izintombi zakhe.

Umama wengane kaMdu Masilela uSibahle Dlamini, kuthiwa uthathane ngequmba nomunye owesimame oganile owaziwa ngelikaDudu Nqakalatsane ngeledlule.

Kuthiwa lempi ibiyimbi kangangokuba uDlamini noNqakalatsane baklebhulelane izingubo abebezigqokile.

Laba bebelwela ngaphandle kwefulethi likaMasilela eliseLyndhust enyakatho nedolobha laseGoli.

OLUNYE UDABA:UChicco Twala ushaya phansi ngonyawo ngefilimu kaBrenda

Ekhuluma nabezindaba uNqakalatsane uthe: "Loya wesimame [Dlamini] ungidonse ngengalo engitshela ukuthi mina noMdu siyajola, uze wangidonsa nangengubo.

"Nami ngimdonsile yaklebhuka ingobu yakhe njengoba eklebhule eyami. Ngivumile ukuthi ngike ngathandana noMdu, kodwa kudala.

Le ntokazi egane usomabhizini uShane Nqakalatsane, uthi uzithole esephakathi kwempi yokuhlukana kukaMdu noDlamini.

"Engingakusho wukuthi bengisendaweni embi ngesikhathi esingafanele."

Ngesikhathi ebuzwa ukuthi kungani imoto yakhe ibipake egalaji lakaMdu uthe: UMdu ungivulele ngapaka kodwa besimi phandle naye nomngani wami uKhatha.

Ngesikhathi abeSunday World bebuza uDlamini, uthe uthole uMdu engagqokile ngokuphelele ngesikhathi eyolanda ezinye zezinto zakhe ezasala.

"Ngingene endlini kunewayini kanye nokudla kwase-Ocean Basket. UMdu ebengagqokile ngokuphelele, uphume endlini egijimi engithethisa ethi angihambe, kusenjalo, ngibone owesimame ephuma ebaleka. UNqakalatsane ngimthole eceshe ngemuva kwefulethi,"kusho yena.



- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...