Bathabile Dlamini ehla esikhundleni, usugugile, kusho owe-ANCYL

2018-01-12 09:31

Johannesburg - Ilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC Youth League (NEC) uBavelile Hlongwa litshele umengameli wophiko lwabesifazane kwi-ANC uBathabile Dlamini nezinye izikhulu zakhe ukuba kumele behle ezikhundleni, bayekele kungene abesifazane abasha.

UHlongwa ubekhuluma ngoLwesine ebusuku kwiYoung Women's Dialogue e-East London City Hall‚ nokuyilapho etshele khona uDlamini nezikhulu eziphezulu zalolu phiko ukuba abanye babo kumele ngabe sebephumule emakhaya manje.

UHlongwa uphinde wagxeka uphiko lwabesifazane ngokwehluleka ukwethula uNkosazana Dlamini-Zuma engqungqutheleni yenhlangano yokukhetha ubuholi eNasrec.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa owesilisa erenki yamatekisi

Kunalokho, uthe, abesifazane bahlukene phakathi ngenxa yabantu besilisa.

"Sikhathele… Abanye benu kumele ngabe sebephumule emakhaya manje ngoba senibadala, namadolo enu eseyehluleka ukunithwala, kodwa anifuni ukusinikeza ithuba, ngakho sizonitshela ngqo,” kusho uHlongwa etshela uDlamini namanye amalungu e-NEC ebebehlezi etafuleni eliphezulu.

"I-ANC Women's League isalele ngemuva kakhulu emzabalazweni, futhi uma ningasiniki izintambo, ngeke kuphumelele ukulwisana nobuqembuqembu kwi-ANC. Nehlulekile ukunikeza abesifazane abasebasha ithuba lokufunda kinina.”

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...