Basindile abagibeli isitimela siphuma kujantshi ngaseGermiston

2018-01-17 19:39

Johannesburg - Sekungesesibili isitimela sakwa-Passenger Rail Agency of South Africa (Prasa) esiphume kujantshi phakathi kwePitoli kanye neGermiston eGoli ngoLwesithathu.

Kuthiwa lesi sitimela siphumile emzileni waso ngenxa yokwebiwa kwezinsimbi zojantshi okuyizona ezilawula ukuhamba kwesitimela.

Lokhu kuvezwe wuNobhala-Jikelele wenyunyana i-United National Transport Union (UNTU) uSteve Harris.

OLUNYE UDABA:Usesimeni esibucayi okhishwe isitimela sihamba

"Ngenhlanhla, akekho olimalile kulesi sigameko futhi sibonga kakhulu ngalokho," kusho uHarris.

Lesi sigameko silandela esangoLwesibili lapho kushayisane khona izitimela ziyongena edepho ngoLwesibili.

Kulimale abantu abane kulesi sigameko.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...