Bashe bangqongqa abantu abane engozini enyantisayo

2017-05-28 14:01

Cape Town – Abantu abane bashe bangqongqa ngesikhathi imoto abebehambangayo ivutha amalangabi.

Le ngozi yenzeke ngeSonto ekuseni kushayisana izimoto ngaseRiversdale.

Ngokusho kwesikhulu samaphoyisa omgwaqo eWestern Cape uKenny Africa, kushayisane izimoto zohlobo lwe-Opel kanye neTata ekuseni ngo-06:20.

I-Opel isheyangqonga.

Uyedwa vo umuntu ongazange ashe kule moto, yize naye eshonile.

U-Africa uthi kushone noyedwa obehamba ngeTata.

OLUNYE UDABA:Iphume nemiphefumulo ingozi enyantisayo

"Lena yingozi yesibili yokushayisana kwezimoto kulesi sifundazwe. Ingozi yokuqala yenzeke ngoMgwibelo ekuseni phakathi kwe-Rawsonville neSlanghoek."

Kule ngozi kushone umuntu oyedwa kwalimala abathathu.

Bayisikhombisa abantu abalimale ezingozini zomgwaqo kulesi sifundazwe ngale mpelasonto.

Enye ingozi yenzeke ku-N7 ngeSonto ekuseni, nalapho kushone umuntu oyedwa.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...