Bashaye usana lwaze lwashona bethi lunamadimoni

2016-10-14 09:58

Johannesburg – Umama wosana lwentombazane olunezinyanga eziyisithupha luzelwe kuthiwa wahambisa le ngane esangomeni, safike samtshela ukuthi ingane inemimoya emibi.

Isangoma sathi le ngane akumele iphile ngoba izolethela umndeni amabhadi.

Nangempela umama nalesi sangoma bahlanganyela le ngane bayishaya yaze yaphuma uphefumulo egcekeni lomuzi oseMataleng, eNorthern Cape, ngoLwesithathu.

OLUNYE UDABA: Uboshiwe olahle usana oluzelwe ngoba ekhala ngezinkinga

“Umama wengane nesangoma bathi le ngane izolethela umndeni amabhadi base beyayibulala. Ngokubona kwami yibo abanamadimoni,” kusho umakhelwane ongathandanga negama lakhe.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Sergio Kock uthe baphenya icala lokubulala kulandela ukutholakala kwesidumbu sosana emzini oseMataleng.

"Ingane yayilemele kabi umzimba wonke. Kuthiwa ishaywe ngumama wayo, 30, nesangoma, 35."

Abasolwa baboshiwe.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Drizzle. Morning clouds. Cool. Pta: 12-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C High level clouds. Mild. Bloem: 13-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 16-24°C High level clouds. Mild. PE: 13-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...